ILungu Elihloniphekile Lephalamende, Dkt. S.C.
Ngizizwa ngihloniphekile kakhulu ukuba ngihlanganyele nomphakathi owakhele uMasipala u-Muziwabantu, oyingxenye yomasipala abangena ngaphansi kukamasipala woGu, ngalolusuku oluyinqophamlando lokugubha elinye lamagxathu abalulekile, omsebenzi omuhle kahulumeni wethu wokwenza ngcono izimpilo zabantu bakithi.
Njengoba siqala unyaka omusha nje, izifiso kanye namathemba abantu abaningi ukuba kwenziwe ngcono izimpilo zabo, kwezenhlalakahle kanye nakubona buqu. Ngamanye amazwi, ukuvakashela kwethu kulendawo ukuzokwethula lemisebenzi emibili, kuyigxathu elikhulu ekufezekiseni leliphupho.
Simi lapha namhlanje, sinokuziqhayisa ngokuba yingxenye kahulumeni oletha izidingo zomphakathi. Ngaphansi kukahulumeni wencindezelo, abantu basezindaweni zasemakhaya basebelahle ithemba lokuthi bayoke bathole amanzi ahlanzekile okuphuza, base bekwamukele njengesabelo sabo ukuthi bayohlala behamba amabanga amade beyofuna amanzi kwenye inkathi bawaphuze nezinkomo. Abantu bakithi emakhaya base bekwamukele ukuthi ingqalasizinda kanokusho yesimanje efana nalelihholo elisha elakhelwe umphakathi wase-Cingweni yinto yomtakabani.
Uhulumeni wethu usalokhu eqhubeke njalo esebenza ngokuzikhandla ukulungisa umonakalo owenziwa nguHulumeni wobandlululo.
intuthuko kanye nempilo engcono kuwo wonke umuntu.
Kulesibalo sabantu, imindeni engamaphesenti angu 84, ihlala ezindaweni zasemakhaya, kuthi engamaphesenti ayishumi nesithupha (16%), uhlale ezindaweni ezise madolobheni. Njengabanye oMasipala bezifunda, Ugu, lunesibopho sokunikeza ngezidingo-ngqangi emphakathini wendawo. Uhlelo lokuhlinzeka ngokushesha ukunikezwa kwezidingo-ngqangi emphakathini kunazo izinselelo ngenxa yezingqinamba ezihambisana nokungalingani okukhona phakathi kwezindawo zasemadolobheni kanye nalezo zasemakhaya, kanjalo nokusalela emuva kwemisebenzi okubangelwa ukushoda kwezimali kanye namakhono. Kungalesosizathu kwathi ngonyaka ka 2000, umasipala uGu, kanye nabanye oMasipala abathathu balesifundazwe, okuwu-Mkhanyakude, iZululand kanye noMzinyathi, baqinisekiswa nguHulumeni njengezindawo ezihlonzelwe intuthuko edidiyelwe. (Integrated sustainable Rural development Programme) nokusho ukuthi lezindawo zidinga ukuhlinzekwa ngengqalasizinda ethe xaxa kunezinye izindawo.
Ziningi izinselelo zokunikezwa kwezidingo ngqangi ezibhekene nomasipala wesifunda soGu, kanti ezinye zazo zihambisana nezinto ezifana namanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nogesi. Ngokwezibalo zakamuva amaphesenti angu-74, wesibalo sabantu bonke abahlala kulendawo, ikakhulukazi labo abahlala emakhaya abakabi nawo ugesi.
Cishe uhhafu wabantu abakhele lesisifunda basenesidingo esikhulu sokuhlinzekwa ngamanzi ahlanzekile. Lokhu kusho ukuthi ngu-50% kuphela wemindeni othola amanzi ahlanzekile, okupheka nokuphuza, kanti u-58% usadinga izindlu zangasese ezihlanzekile.
imali ebekwe eceleni ukusiza uMasipala wesiFunda sasoGwini ukubhekana nezinkinga zesomiso.
KwaFodo, KwaMbotho, KwaShaweni, Dumisa naKwaJali. Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi abantu bakithi babuyelwa yisithunzi sabo. Ngalolu hlelo abantu bakithi angeke basaphoqeleka ukuba bahambe amabanga amade befuna amanzi. Lolu hlelo lwamanzi esilwethula lapha namhlanje luzoqinisekisa ukuthi abantu bakithi abazitholi izifo ezitholakala ngokungabi nawo amanzi ahlanzekile. Ngaphezu kwalokhu lolu hlelo luzodala amathuba emisebenzi kumphakathi wendawo luthuthukise namakhono.
Njengohulumeni, sihlale njalo sizikhathaza ngezindlela ezizokwenza sihlinzeke ngendlela esheshayo amanzi ahlanzekile kanye nengqalasizinda engenza ngcono izimpilo zabantu bakithi. Emizameni yethu yokuxazulula lezinkinga ezimayelana nokusalela emuva kokunikexwa kwezidingo kanye nokungabibikho kwezinqalasizinda, uhulumeni usesungule isikhwama sokuxhasa ngezimali esibizwa ngeMunicipal Infrastructure Grant.
Sizosebenza ngokubambisana noMasipala siqaphele ukuthi iRandi ngalinye noma yikanjani lenza umsebenzi elibekelwe wona. Ngithanda ukukhuthaza omasipala balesifunda ukuba basebenze ngokubambisana bacobelelane ngolwazi, basebenzise umqondo wokwabelana, ukuze bakwazi ukwabelana nangezinto zokusebenza bese kuhamba ngamandla ukunikezwa kwezidingo zomphakathi. Umsebenzi owenziwe ngumasipala woGu kulonyaka ka 2004/2005, uveze ukuthi umasipala wesiFunda unawo amakhono angathuthukisa omasipala abawakhele.
Ukusebenza kwehholo elisha lomphakathi wasoCingweni kuzohlanganiswa nezakhiwo zokuthuthukisa umphakathi amaMPCC. Lokhu kusho ukuthi ukusebenza kwehholo akuzukuba nje ukuthi kwenzelwa kulona imicimbi yomphakathi kuphela, kodwa lizophinde futhi lisetshenziswe nangeminye iminyango kahulumeni ukusondeza izidingo kubantu. Kulesi sifundazwe sizibekele ukuthi sibe ne-MPCC kubona bonke omasipala bezifunda. Le nhloso sesiyifezile kanti lapha oGwini size sadlulela ngoba sikwazile ukwakha ama-MPCC eDududu naseBhomela.
Ukwakhiwa kwamaMPCC kuyingxenye yezinjongo zikaHulumeni zikuqeda ububha ngokusondeza izidingo emphakathini.
Ngiyajabula futhi nokuzwa ukuthi kunamalungu omphakathi angamashumi amahlanu nambili ahlomule ngenisebenzi namakhono ngesikhathi kwakhiwa ihholo.
Sengizwile ukuthi kusazokwenziwa izinhlelo phakathi koMasipala uGu kanye noMuziwabantu ukudlulisela lesi sikhungo sisuka oGwini siya eMuziniwabantu; kanti futhi sizoxhunyaniswa neminye iminyango ebalulekile ukuze lesi sikhungo sisebenziseke ekutheni uHulumeni alethele abantu izidingo emizameni yokulwa nobuphofu. Namuhla sithokozela izithelo eziwumphumela wokusebenza ngokubambisana. Ngokuvulwa kwaleli hholo siqinisekisa ukufezeka kwephupho lokuthi abantu bakithi abasezukuvuka kusempondozankomo bahambe amabanga amade ngoba befuna izidingongqangi. Sizama ukulwa nomonakalo owadalwa ngubandlululo nowaholela kulesi simo.
Ngizonxusa sonke njengamalunga omphakathi ukuba siliphathise okwezikhali zamaNtungwa leliholo, siphinde siphathe kahle nengqalasizinda ezofakwa ezosilethela amanzi esizowasebenzisa. Thina esilapha kulesi sifunda sikwazi kahle kamhlophe ukuthi kunjani ukungabi namanzi. Ngalokho-ke kumele siqinisekise ukuthi uma amanzi sesinawo asibashiyi ompompi bevuza. Akumele sivumele izingane ukuba zidlale ngezinsizasidingo. Kumele songe lelo nalelo thonsi lamanzi.
Njengohulumeni, sizibophezele ekusebenzeni ngokubambisana nomasipala ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu bakithi. Sengathi ukwethulwa kwaloluhlelo lwamanzi kanye nokuvulwa kwaleliholo, kungaba yisiqalo sekusasa eliqhakazile nelethembisayo kubantu abakhele umasipala walapha. Nakuba mhlawumbe unyaka usuqalile, kodwa nginifisela uNyaka omusha ogcwele izibusiso.


Yihhovisi elizimele elimiswe kulandelwa umThetho weziNsiza wokuQondiswa kweziMilo, wenombolo ye-111 yonyaka we-1998,ngokuphathwa yiJaji eliHlolayo.
Izinjongo zabaHloli abangamaJaji asemaJele ukulungiselela ukuhlolwa kwamajele ukuze iJaji elinguMhloli likwazi ukubika ngokuphathwa kweziboshwa emajele kanye nangezimo zamajele.
Iqembu labahloli liqukethe amayunithi amane, abaHloli ababhekana nokuhlola nokuphenya, iyunithi yeziNsiza zezomThetho ebhekene nezikhalazo zeziboshwa, iyunithi yeziVakashi zeziBoshwa eziZimele (IPV) ebhekene nokuqashwa kanye nokuphathwa jikelele kwama-IPV kanye neyunithi yokubusa ebhekene nokuphathwa kwezimali, ukuphathwa ngemfanelo kanye nokuphathwa kwabasebenzi. Amayunithi anikeza yonke imibiko kuMphathi, uMnu. Gideon Morris.
Ngubani iJaji eliHlolayo?
Yini imisebenzi weJaji eliHlolayo?
Ukuhlola noma ukuhlela ukuhlolwa kwamajele ukuze ethule umbiko ngokuphathwa kanye nezimo emajele.
Ukwamukela nokubhekana nezikhalazo zeziboshwa ezithunyelwa iBandla likaZwelonke leziNsiza zokuQondiswa kweziMilo, uNgqongqoshe, uKhomishinali, noma iBandla leziVakashi kanye nesiVakashi esiZimele seJele ezikhathini eziphuthumayo.
Ukuthumela umbiko kuNgqongqoshe ngohlolo ngalunye kanye nakwabanye abantu iJaji lokuHlola elibathatha ngokuthi bafanele.
Ukuthumela umbiko wonyaka kuMongameli kanye noNgqongqoshe.
Ukwenza nokuhlelela uphenyo oluzokwenziwa emajele kanye nokubamba izinkulumo nomphakathi lapho kudingeka khona.
Likwenza ngayiphi indlela iJaji eliHlolayo ukuhlola?
Ijaji eliHlolayo limisa abahloli noma abancedi abakhethekile ukuze benze ukuhlola lapho becabanga ukuthi kuyadingeka.
Ngobani iziVakashi zeJele eziZimele?
Ama-IPV ngamalungu emiphakathi yethu, aqashwa emajele ethu emva kokuphakanyiswa nokukhethwa ngumphakathi.
Izikhalazo zeziboshwa zibhekwa kanjani?
Esinye nesinye isiboshwa sinelungelo lokufaka isikhalazo kumPhathi weJele, okumele abhale phansi leso sikhalazo, abhekane naso bese etshela isiboshwa ngomphumela waso.
Ukubhekana nezikhalazo zeziboshwa ngokuzivakashela njalo nangokuxoxisana neziboshwa ngasese lapho kunesidingo.
Ukuxoxa ngezikhalazo noMphathi weJele ngenhloso yokuxazulula izinkinga ngaphakathi /ngokwabo.
Ukuthumela izikhalazo ezingaxazululiwe kuKomidi leziVakashi elifanele, noma lapho ikomidi lingekho khona, eJajini eliHlolayo.
Ukuthumela imibiko eJajini eliHlolayo; imibiko efakela ubude besikhathi sokuvakasha, inombolo kanye nohlobo lwezikhalazo esekubhekenwe nazo kanye nohlobo lwezikhalazo eziqondiswe eBandleni leziVakashi elifanele.
Ungaxhumana kanjani neziVakashi eziZimele zamaJele?
IziVakashi eziZimele zamaJele zikhethiwe emajele amaningi ukuze kulungiselelwe ukutholwa kwezinxazululo zezikhalazo zeziboshwa. Iziboshwa kumele zifunisise kuMphathi weJele uma befuna ukubeka isikhathi sokubonana ne-IPV.
Izikhalazo ezingaxazululiwe ezivela kuKomidi lesiVakashi.
Izikhalazo ezingaxazululiwe ezivela kuKomidi leziVakashi zibhekwa ehhovisi leJaji eliHlolayo . Izinqumo ezithathwe yiHhovisi leJaji eliHlolayo yizona zokugcina.
Yizinhlobo ezinjani zezikhalazo iJaji eliHlolayo elinamandla okubhekana nazo?
Izikhalazo eziphathelene nezimo ejele noma ukuphathwa kweziboshwa ejele. Ezingafakeleli, isibonelo, izikhalazo eziphathelene nokufanele kokulahlwa yicala noma kokugwetshwa kanye nokwaphulwa kwamalungelo enziwa ngaphandle kwejele.
Kungaxhunywana kanjani neJaji lokuHlola?
Izikhalazo zeziboshwa kumele zibhekiswe eJajini eliHlolayo ngokusebenzisa i-IVP.
